Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Izinkomo zakho ziyakuhlatshwa phambi kwamehlo akho, ungazidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa phambi kobuso bakho, ingabuyi kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kepha awuyikuba nalutho. Ukuze abasindise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:31
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


“Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


bamisa mayelana nabo, bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza, abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ