Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 “Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Uyakuganwa ngowesifazane, enye indoda ilale naye; kufanele wakhe indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungakha izithelo zaso;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:30
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.


Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.


Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye; azizwa izwi labazicindezelayo.


umkami makasilele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.


Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


“Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ