Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Uyophuphutheka emini njengempumputhe iphuphutheka ebumnyameni. Awuyukuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyukuba bikho muntu oyokuhlenga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:29
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.


Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu.


Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.


Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”


Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.


Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”


Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo.


Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,


Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.


Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;


UJehova uyakukushaya ngobuhlanya, nangobumpumputhe, nangokugcwaneka,


Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ