Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 USimakade uyoyenza imvula yezwe lakini ibe ngumsizi nothuli, uthuli oluvela ezulwini, lwehlele phezu kwakho, uze ubhujiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe luthuli nothuli; ezulwini kuyakwehlela phezu kwakho uze ubhujiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:24
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo.


intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


Izulu lakho eliphezu kwakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ