Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo aze akuqede ezweni oya kulo ukulidla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:21
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.


“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.”


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abokufa, mabaye ekufeni, nabenkemba, enkembeni, nabendlala, endlaleni, nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.


Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ