Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; futhi uyoba phezulu kuphela, futhi ngeke ube ngaphansi; uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla ukuba niyigcine, niyenze;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:13
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: ‘Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.’


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.


ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, nangegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.”


“Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.


Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ