Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyakukwenza ube nokuchichima kokuhle, esithelweni sesisu sakho, nasesithelweni sezinkomo zakho, nasesithelweni sezwe lakho, ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:11
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umoya wami mubi kumkami, ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.


Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,


akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ