Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 27:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “ ‘Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “ ‘Makaqalekiswe owedukisa impumputhe endleleni.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uqalekisiwe owenza izimpumputhe ziduke endleleni. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 27:18
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.”


Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.


Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.


Bonke abalindi bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala bephupha, bathanda ukozela.


“ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”


“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ