Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 26:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 uthathe okokuqala kuzo zonke izithelo zomhlaba owukhipha ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ukuphonse kubhasikidi, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo. Faka igama lakhe lapho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 26:2
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.


“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.


“Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.


nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”


U-Israyeli ungcwele kuJehova, ululibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.


Ngokuba entabeni yami engcwele, empakameni yentaba yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, indlu yonke yakwa-Israyeli, yonke yayo, iyakungikhonza ezweni; ngiyakubamukela khona, ngibize iminikelo yenu, nolibo lweminikelo yenu, nakho konke okungcwele kwenu.


Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.


Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.


Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi.


“ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.


Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.


akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.


Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,


Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.


“Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo,


Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.’


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ