Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 23:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 23:14
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Wathi: “Ngilapha.” Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.”


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,


Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ