Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 22:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Khona-ke kumelwe nibakhiphe bobabili nibayise esangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe, bafe; intombazane, ngokuba ayibizanga isemzini; indoda, ngokuba ilulazile umkamakhelwane wayo; ngalokho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 22:24
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wathi kuLabani: “Nginike umkami, ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.”


Ngokuba lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.


Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.


Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.


UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;


Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.


Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.


“Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda, umuntu ayifumane emzini, alale nayo,


“Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso, indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ