Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 20:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 “Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lapho uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuze uwuthathe, akumelwe nichithe imithi yawo ngokuyigalela ngezembe; ngoba ungadla kuzo, ungazigawuli. Umuthi wasendle ungukuphila komuntu) ukuzisebenzisa ekuvinjezelweni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 20:19
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”


Bachitha imizi, naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa, kwaba yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle, kwaze kwasala amatshe aseKhiri Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.


Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.


abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ