Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 20:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 20:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo, bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona, kwaze kwangabakho ongazithwala; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.


Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.


Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.


Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.


UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?


Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.


Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.


Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.


Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.


“Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi: izinkomo eziningi kakhulu, nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.”


uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ