Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 2:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Kuphela ezweni labantwana bakwa-Amoni anifikanga kuzo, nakuyo yonke indawo yomfula iJabhoki, nasemizini yasezintabeni, nakho konke uJehova uNkulunkulu wethu asenqabele ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 2:37
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.


U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.


lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”


ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.


“UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”


AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.


Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki, kusukela ehlane kuze kube seJordani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ