Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 2:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kusukela e-Aroweri eliseceleni komfula i-Arinoni, nokusukela emzini oseceleni komfula kuze kufike kwaGileyadi, akubangakho umuzi owawunamandla kunathi; uJehova uNkulunkulu wethu usinike konke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 2:36
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri;


kusukela eJordani ngasempumalanga, lonke izwe lakwaGileyadi, abakwaGadi, nabakwaRubeni, nabakwaManase, kusukela e-Aroweri elingasemfuleni i-Arinoni, elakwaGileyadi neBashani.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.


Yima endleleni, uqaphele wena ohlezi e-Aroweri, ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi: ‘Kwenze njani na?’


Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri,


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


“Lelo zwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki, kusukela ehlane kuze kube seJordani.


U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ