Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Namuhla ngizoqala ukubeka ukwesatshwa kwakho nokwesaba kwakho phezu kwezizwe ezingaphansi kwalo lonke izulu eziyozwa ngawe futhi zithuthumele futhi zikwesabe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 2:25
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.


Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


“Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.


besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ