Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Isikhathi esahamba ngaso sisuka eKadeshi-bharineya saze sawela umfudlana iSeredi, sasiyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili; saze saqedwa sonke isizukulwane samadoda okulwa phakathi kwempi, njengokukhuluma kukaJehova kubo ngesifungo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 2:14
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,


Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo.


Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho; siyafeza iminyaka yethu njengephefu.


engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe,


UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,


Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.


“Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.


kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


“ ‘Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi.’ Sase siwela-ke umfula iZeredi.


“Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ