Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “Sabe sesiphenduka, sahamba, salibhekisa ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga, njengalokhu ayeshilo kimi uSimakade. Intaba iSeyiri sayizungeza izinsuku eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Sase siphenduka, samuka saya ehlane endleleni yaseShelfsee, njengokukhuluma kukaJehova kimi; sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 2:1
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”


Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.


kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.


Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’


nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,


“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ