Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 18:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 “Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova, le nto ingalandeli futhi ingenzeki, yizwi uJehova angalikhulumanga, kodwa umprofethi walikhuluma ngokugabadela; ungamesabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 18:22
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


“Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.


UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’


“Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’


USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ