Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 lowo wesilisa noma wesifazane uyomkhiphela ngaphandle komuzi lokhu enzile into embi, umkhande ngamatshe, aze afe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyakumkhiphela phandle leyo ndoda noma lowo wesifazane owenze lokho okubi emasangweni akho, leyo ndoda noma lowo wesifazane, umkhande ngamatshe, baze bafe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 17:5
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.


“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.


“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli,


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


UJowashi wathi kubo bonke ababemi ngakuye: “Niyakumlwela uBali, nimsindise yena, na? Oyakumlwela uBali, makabulawe kusasa ekuseni; uma engunkulunkulu, makazilwele yena, lokhu kukhona olibhidlizile i-altare lakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ