Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 16:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 “Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 16:16
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.


njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.


bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi: “Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo, namagatsha omnqumo wasendle, namagatsha ombomvana, namagatsha esundu, namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.”


lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaJehova, ngokomthetho ka-Israyeli ukuba idumise igama likaJehova.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela*


Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.


Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.


Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.”


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.


“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.


Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo.


Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.


lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.


Lowo muntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.


Bathi: “Uma nimukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawumukisi ze, kepha anobuyisela nokubuyisela kuye umnikelo wecala; khona niyakuphiliswa, kwazeke kini ukuthi isandla sakhe asisuswa ngani kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ