Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 16:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 16:11
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.


Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?


Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.


kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.


kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ