Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 15:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma kukhona phakathi kwakho ompofu wabafowenu kwelinye lamasango akho ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho, ungasivali isandla sakho kumfowenu ompofu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 15:7
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.


Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.


umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.


Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.


Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.


Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’


Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.


“Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ