Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 15:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha wena ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 15:6
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.


kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.”


Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.


Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.


Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.


Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.


Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.


uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.


Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ