Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 15:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Ungakuthathi sengathi kungukucindezelwa nxa usumdedela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonze iminyaka eyisithupha, umnika imali yomqashwa. USimakade uNkulunkulu wakho uyokubusisa kukho konke okwenzayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngeke kube nzima kuwe uma umxosha kuwe ngesihle; ngokuba ubekufanele inkokhelo yosuku oluphindwe kabili ukukukhonza iminyaka eyisithupha; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 15:18
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”


Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,


Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.


uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.


“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ