3 “Ungadli into enengekayo.
3 “Ungayidli noma yini enengekayo.
3 Ungadli isinengiso;
Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili, iduna nensikazi yalo,
abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,
Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”
“Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.
“ ‘Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo, ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.
Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.
Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,
Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.