Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 14:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kumelwe ukhiphe leyo mali kukho konke umphefumulo wakho okufisayo, ngezinkomo noma ngezinkomo noma ngewayini noma ngophuzo olunamandla noma kukho konke umphefumulo wakho okufisayo; udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ujabule, wena nendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 14:26
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe.


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba;


Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.


niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.


“Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.


kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.


nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.


uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,


wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ