Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 14:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Uma indlela iyinde kakhulu kuwe ukuba ungakwazi ukukuthwala, nendawo lapho uSimakade uNkulunkulu wakho akhethe ukubeka kuyo igama lakhe ikude kakhulu kuwe, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma indlela iyinde kakhulu, nize ningakwazi ukuyithwala; noma indawo ikude nawe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukumisa igama lakhe kuyo, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 14:24
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.


Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ