Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 14:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Uyakudla okweshumi kukakolweni wakho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, namazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho, phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha ukumisa igama lakhe kuyo; ukuze ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 14:23
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.


UJehova Sebawoti, mngcweliseni yena, kube nguye enimesabayo, yebo, kube nguye eninovalo ngaye.


babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo,


Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ