Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 12:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Aniyikwenza lokhu kuJehova uNkulunkulu wenu; ngokuba zonke izinengiso kuJehova azizondayo zenzile konkulunkulu bazo; ngoba ngisho namadodana abo namadodakazi abo babashisa ngomlilo konkulunkulu babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 12:31
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


ama-Avi enza oNibihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ko-Adirameleki no-Anameleki, onkulunkulu bamaSefarivayimi.


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.


Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.


“Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo;


Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.


Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.


Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.


“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.


UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?


xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’


“Nina aniyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wenu.


ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.


“Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.


Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ