Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 12:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu enweba umngcele wenu njengoba ayethembisile, bese nithi: ‘Ngifuna ukudla inyama,’ njengoba inhliziyo yenu ifisa ukudla inyama, niyoyidla inyama njengokufisa kwenhliziyo yenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe, uthi: Ngiyakudla inyama, ngokuba umphefumulo wakho unxanela ukudla inyama; inyama ungayidla, konke umphefumulo wakho okufisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 12:20
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”


Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.


UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.”


UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.


Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.


Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.


Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.


Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”


Igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti Hathawa,* ngokuba bambela abantu abafisayo.


Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


“Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.


Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.


“Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,


Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.


lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ