Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 11:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Kuyothi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 11:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,


wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.


Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,


Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


“Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,


“Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


“Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ