Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngaphenduka, ngehla entabeni, ngafaka izibhebhe emphongolweni engawenza; futhi akhona, njengoba nje iNkosi ingiyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 10:5
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.


Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.


UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.


Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.


Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.


Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’


“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.


UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ