Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 10:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho; kumelwe umkhonze, futhi kumelwe unamathele kuye ufunge igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 10:20
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.


Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.


“Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”


Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.


“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,


kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ