Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 9:17
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla


ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.


Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*


ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.


Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.


Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.


ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.


Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ