Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 9:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla futhi wazenzela igama njenganamuhla; sonile, senzile okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 9:15
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,


ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”


kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: ‘Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;’


“Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.


ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa-Israyeli esone ngazo kuwe; yebo, nami nendlu kababa sonile.


wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngidunyisiwe ngoFaro, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.”


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”


Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.


Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.


Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo.


sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;


“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’


“Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ