UDaniyeli 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE24 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202024 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202424 Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.