Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 6:13
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.


U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”


nokuba ongawi phansi, akhuleke, aphonswe phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.


Kukhona amadoda abaJuda owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; lawa madoda, nkosi, awakunakanga; awakhonzi onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?


uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ