Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 4:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

33 Ngaso leso sikhathi lokho kwagcwaliseka phezu kukaNebukhadinezari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi, nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Ngalelo hora kwenzeka indaba ngoNebukadinesari, waxoshwa kubantu, wadla utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe waba manzi ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zokhozi, nezinzipho zakhe njengezinyoni ’izidladla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 4:33
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.


ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ