Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Mina, nkosi uNebukadinesari, ngalibona leli phupho. Manje wena Belitshasari, yazisa incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bangenakungazisa incazelo; kodwa niyakwazi; ngoba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 4:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi uJosefa kuye: “Nakho ukuchazwa kwalo: lawo magatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;


Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.


Abuye aphendula, athi: “Inkosi mayisho iphupho ezincekwini zayo, thina sibonise incazelo.”


Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba.


Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ