Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 3:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo, engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabeluleki benkosi ababebuthene bawabona lawa madoda, umlilo wawungenamandla emizimbeni yawo, nonwele lwamakhanda awo aluzange lushunqe, nezingubo zawo aziguqukanga, futhi iphunga lomlilo lidlule phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 3:27
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.


Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.


Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.


Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini.


Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.”


bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ