Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UNebukadinesari wayala ngokuthukuthela nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego. Base beletha lawa madoda phambi kwenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 3:13
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.


Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.


Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.


Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.


Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.


Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


“Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


“Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.


Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ