Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 2:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

46 Inkosi uNebukhadinezari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Inkosi uNebukadinesari yawa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayala ukuba balethe kuye umnikelo womlilo namakha amnandi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 2:46
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukadinesari inkosi.


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.


Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.


Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.


Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.


Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ