Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Ziyakuphela nini lezi zimangaliso na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Omunye wathi endodeni eyembethe ilineni eyayiphezu kwamanzi omfula: “Kuyoze kube nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 12:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.


Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.


Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”


bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide.


Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ