Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 11:45 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

45 Iyakumisa ithende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele, kepha ilibhekise esiphethweni sayo, akakho ongayisiza.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Iyakutshala izindlwana zendlu yayo phakathi kolwandle entabeni engcwele yenkazimulo; nokho iyofika ekupheleni kwayo, futhi akekho oyoyisiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 11:45
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.


Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.


Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.


Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,


Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.


Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.


Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.


“ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.


Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini waseJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.


Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,


“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.


umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane,


Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ