UDaniyeli 11:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE36 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202036 “Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202436 Futhi inkosi kumelwe yenze ngokwentando yayo; iyoziphakamisa, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume izimangaliso ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nempumelelo, kuze kuphele ulaka; ngoba okumisiweyo kuzokwenzeka. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu
Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.