Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Uyephi othandiweyo wakho, wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane na? Ushonephi othandiweyo wakho sikufunise?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ushonephi othandiweyo wakho, wena muhlekazi kwabesifazane? uphi othandiweyo wakho? ukuze simfune kanye nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:1
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.


Ngamvulela-ke othandiweyo wami, kepha othandiweyo wami ubephendukile, wamuka; umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe, ngamfuna, kepha angamthola; ngambiza, kodwa akaphendula.


Othandiweyo wakho udlula ngani omunye, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, na? Othandiweyo wakho udlula kuphi omunye ukuba usifungise kanjalo na?


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, yini ukuba ube njengomfokazi ezweni nanjengesihambi esingenisayo ukuba silale ubusuku nje na?


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ