Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga, nezindebe zakhe ziyiminduze econsa imure* elimanzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izihlathi zakhe zinjengombhede weziqholo, njengezimbali ezimnandi; izindebe zakhe njengeminduze econsa imure elinuka kamnandi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe, kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.


Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.


Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.


Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?


Izindebe zakho, makoti wami, ziyaconsa izinyosi; uju nobisi kukhona phansi kolimi lwakho, nephunga lezambatho zakho linjengephunga laseLebanoni.


Ngavuka ukumvulela othandiweyo wami; izandla zami zaconsa imure,* neminwe yami imure elimanzi phezu kwezibambo zesihluthulelo.


Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.


Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.


Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ