Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Vuka, moya wasenyakatho, uze wena Ningizimu, uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.


ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke,


Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure* kimi, olele phakathi kwamabele ami.


Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.


Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.


Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho


Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”


Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;


Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.


Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”


UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.”


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya;


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ