Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Phumani nina madodakazi aseJerusalema, nibone inkosi uSolomoni, inomqhele eyawuqheliswa ngunina ngosuku lokugcagca kwayo nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Phumani, madodakazi aseZiyoni, nibone iNkosi uSolomoni, inomqhele unina ayithwesa ngawo ngosuku lomshado wayo nangosuku lwentokozo yenhliziyo yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:11
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.


Woza wena othandiweyo wami, siye endle, silale emizaneni.


Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula* ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.


lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa.


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,


Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.


Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”


Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.


Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele.


yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;


Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ